Abaphathi boHlelo - Mr M.O.S Zungu and Dr T. Sifunda (HOD Champions);
IziMeya namaKhansela;
Amaphoyisa nezikhulu zezokuphepha;
Inkosi Makhanya;
Abaholi beNdabuko;
Abaholi bezenkolo;
Izithunywa ezimele Abantu Abadala;
UMqondisi-Jikelele wesiFundazwe iKwaZulu-Natal, Dkt N.O. Mkhize;
Izikhulu zikaHulumeni wesiFundazwe nabasebenzi;
Izicukuthwane nezimenywa ezikhethekile;
UMphakathi waseMbumbulu namaphethelo;
ISINGENISO
Kuyintokozo enkulu ukuhlanganyela kulo mcimbi nabantu abadala besifundazwe sethu esiziqhenyayo ngabo. Kuyasithokozisa ukuba nani eMbumbulu.
Ngaphandle kokubungaza iqhaza Labantu abadala, silapha eMbumbulu ukuzokwethula uhlelo lokutshala oluzosusa ikati eziko luphinde luqinisekise ukuthi umphakathi utshala ukudla kwawo ukuze ugweme ukumba eqolo kokudla ezitolo. Abantu abadala babalulekile yingakho bantu sibafanisa negolide. Kungani sithi niyigolide wezintombi nezinsizwa ezindala?
Sithi niyigolide ngoba niyisizinda senhlakanipho, isipiliyoni kanye nobunyoninco obuyisimanga. Uma sibhekene nezikhathi zobumnyama, abantu abadala bayisibani esikhanyisa indlela, ukukhanya kwaso okususa izihibe nezithiyo endleleni yethu. Yingakho singuHulumeni waKwaZulu-Natal sihlale sikulangazelela ukuhlanganyela nani ukuze sincele ulwazi nenhlakanipho emibeleni yenu egwansile.
Siyazi ukuthi abantu abadala babamba iqhaza elikhulu ekukhululweni kwezwe lethu emaketangeni obandlululo nobugqila. Ngabe kasiyitholanga inkululeko ukube abantu abadala abazidelanga, bazinikela bathatha izikhali baketula umbuso wobandlululo ukuze sonke siphile impilo enobulungiswa nokulingana. Abantu abadala baseMbumbulu baba neqhaza elikhulu ekuqedeni izimpi zombango ezazihlasele le ndawo. Baba negalelo elikhulu futhi ekulweni nodlame olwahlasela isifundazwe ngeminyaka yawo-1980 kuya ko-1990.
Yingakho iqhaza lenu bantu abadala siyohlala siliqhakambisa ngoba kukhulu enisenzele kona nenikwenzele izwe nesifundazwe senu.
Okumangalisayo ukuthi lo mnikelo ongaka wokudala ukuthula nentuthuko esifundazweni kanye nasezweni lonke nawenza ngaphandle kokulindela ukukhokhelwa – kwakusuka ngaphakathi ezinzulwini zemiphefumulo yenu – ngoba nabeka phambili inhlalakahle yezwe kunenhlalakahle yenu. Singanikhohlwa kanjani-ke zintombi nezinsizwa ezindala?
Namuhla sizwakalisa ukunibonga okukhulu ngamagalelo neqhaza lenu ekuqinisekiseni ukuthi iNingizimu Afrika ekhululekile yafika nisadla anhlamvana.
Okunye okungithokozisa kakhulu ngokuhlanganyela nabantu abadala wukuthi izinsizwa nezintombi ezindala zinendawo ebalulekile enhliziyweni yami. Ngiyilokhu engiyikho namuhla ngenxa yezimfundiso neziyalo engazithola kubantu abadala engakhula ngaphansi kwezandla zabo ezifudumele. Yingakho sikushayela ihlombe elikhulu ukufika kwalolu suku lokuhlanganyela nani ngoba ngabe kasikho ukube kanikho nina.
Njengabaholi bahulumeni abakhethwa yinina, kungumsebenzi wethu osemqoka ukuthi siniphathise okwezikhali zamaNtungwa. Kungumsebenzi wethu ukuthi siniphathise okwamaqanda ngoba siyanithanda kakhulu. Njengohulumeni wesifundazwe, siyazibophezela ukuthi abantu abadala sizobaphathisa okwamaqanda, nangezandla ezifudumele nezintofontofo ngoba bayikho konke ezimpilweni zethu.
Siyazibophezela ukuthi siqinisekisa ukuthi iminyaka yenu yobudala izoba ngenenjabulo, ibe nempilo enokuthula nokuthuthuka ngaso sonke isikhathi.
Sikwenza lokhu ngoba siyaziqhenya ngani futhi ningamagugu kithina.
UNWELE OLUDE ENTOMBINI ENDALA
Namuhla sinenhlanhla eyisimangaliso yokuba nentombi endala enguVeronica Magcaba uNkulunkulu aseyibusise ngeminyaka engu-101 isadla anhlamvana. Sithi unwele olude Ntombi endala, sengathi iNkosi ingakwandisela eminye iminyaka. Ukugubha nentombi endala iminyaka eminingi kangaka, siyiphathele oncamnce, ikhekhe nokunye okumnandi ukuze ingalulibali lolu suku lwayo olukhulu kangaka.
Kukhona nesitifiketi esizoyinika sona intombi endala esingubufakazi bokuthi isiqede iminyaka yobudala engu-101!
ABANTU ABADALA BANGAMAGUGU KITHINA
Kuhlala kushiwo ukuthi uhulumeni onakekelayo ubonakala ngendlela ophatha novikela ngayo abantu abadala abayizakhamuzi kuwona. Sineqholo lokuthi njengoHulumeni wesiFundazwe, siyabanakekela abantu abadala besifundazwe sethu. Sinenhlanhla yokuba nguhulumeni ofunde lukhulu ngokuthandwa nokunakekelwa kwabantu abadala. Kufanele sinithande futhi sininakekele ngoba nasikhulisa futhi nasinakekela.
Sekuyisikhathi sokuthi abantu abadala bavune izithelo zothando nokunakekela abazitshala ngesikhathi besikhulisa ngothando nemfudumalo. Baqinisile abathi uvuna okutshalile. Ngeke utshale inzondo bese ulindela isivuno sothando. Siyaziqhenya ukusho ukuthi lolu thando eniluvuna namuhla yilolo enalutshala phambilini. Nakhombisa uthando oluyisimanga lwezwe lwethu ngesikhathi nilwela inkululeko. Ngakho-ke khululekani nidle izithelo zenkululeko ezifike nohulumeni enawulwela ukuthi ube khona.
KUGUGA OTHANDAYO
Kuyasijabulisa ukubona abantu abadala abaningi benakekela impilo yabo ngokuzivocavoca nangokubamba iqhaza emidlalweni yabantu abadala. Siyathemba ukuthi nibonile ukuthi lapha ngaphandle kunabasebenzi abaqhamuka eminyangweni ehlukene kahulumeni abazonisiza ukuzonihlola izifo ezingamahlala khona ukuze nikwazi ukuthatha imishanguzo elwa namahlala khona. Siniphathele nezihlalo ezihamba ngamasondo ukuze kube lula ukuthi nenze imisebenzi yenu yansuku zonke.
Sicela nilusebenzise lolu sizo enizolinikwa namuhla ngoba lumahhala – lwenzelwe nina ukuze ningahambi amabanga amade niyohlolelwa izifo ezingamahlala khona. Kukhona nabavela eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi abazonichazela kabanzi ngokumele ukwenze ukuze uhole imali yakho yempesheni nokunye okuningi. Lolu ngusizo uhulumeni alulethe kinina ngoba uyanithanda futhi uyohlala unithanda.
Siyaziqhenya ngokuba nabantu abadala abayimiqemane, abasangabhincisela nxanye iningi lentsha uma kukhulunywa ngezemidlalo. Nikhumbule ukuthi ukuba ngumuntu omdala akusho ukuthi usugugile – kuningi ongakwenza njengomuntu omdala ukuze uzigcine ungumqemane futhi uphila saka. Kuguga othandayo!
Amahlala khona ayabaleka ayohlala kude uma umuntu omdala enyakazisa umzimba. Umuntu omdala onyakazisa umzimba futhi adle ukudla okunomsoco uba ngumqemane, ahambele kude nemitholampilo kanye nezibhedlela. Kulabo abadla imishanguso elawula izifo ezingamahlalakhona, sicela baqhubeke nokuyisebenzisa futhi benze isiqinseko sokuthi bayayilanda njalo emitholampilo
Uhulumeni wenu uyaqinisekisa ukuthi unezinhlelo zokunakekela nokusiza abantu abadala ngezinsiza ezahlukene.
UHULUMENI ULWA NESIHLAVA SOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU ABADALA
NjengoHulumeni wesiFundazwe kuyasidumaza ukuthola imibiko ngokuhlukunyezwa kwabantu abadala. Abantu abadala bahlukunyezwa yizingane zabo kanye nabazukulu abafuna imali ngodli kubona.
Sicela ukuthi abantu bazi ukuthi imali yesibonelelo enikwa abantu abadala ngeyabo ukuthi bayisebenzise ukufeza izidingo zabo. Kungumusa nobumnene babantu abadala uma besiza imindeni yabo ngale mali yesibonelelo.
Akufanele baphoqwe ukuthi bondle imindeni nabazukulu ngemali yabo yesibonelelo. Labo abahlukumeza abantu abadala ngokuthi babaqole imali yabo, baphula umthetho, ngakhoke kumele babhekane nengalo yomthetho. SinguHulumeni wesiFundazwe ngeke sikubekezelele ukuhlukunyezwa kwabantu abadala, noma ingayiphi indlela. Siyabakhuza nalabo abathola abantwana maqede babashiye ukuthi bagadwe ngabantu abadala, bona baqhubeke bayodla ubusha babo ezindaweni zobumnandi.
MASIBAZISE SIBAHLONIPHE ABANTU ABADALA
Isizulu sithi kuthatha isigodi sonke ukukhulisa umntwana. Leso sigodi esikhulisa abantwana nabo asebekhulile namuhla sisuke sakhiwe ngabantu abadala. SinguHulumeni wesiFundazwe sithanda ukwengeza ngokuthi kuthatha isigodi futhi ukuthi kuvikelwe, kunakekelwe abantu abadala. Uma singabanakekeli, singabavikeli abantu abadala; sifana nomuntu othatha umnotho wakhe awunikele emuhlweni. Abantu abadala bangumnotho, igolide negugu kithina – ngakho-ke kumele sibazise, sibavikele futhi sibahloniphe ukuze sibe yisizwe esinesithunzi.
Namuhla sihlonipha iqhaza labantu abadala ngokuba wumtapo wolwazi, amasiko namagugu esizwe. Niyohlala ningamagugu kithi.
UKWETHULWA KWENYANGA YEZOKUPHEPHA NGESIKHATHI SAMAHOLIDI
Njengoba sethula iNyanga yezokuPhepha ngesikhathi samaholidi, sinxusa ukuthi abashayeli bahloniphe imithetho yomgwaqo, bangashayeli bephuze amanzi amamponjwana futhi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zikufanele futhi zikulungele ukuba semigwaqweni ukuze zingadali izingozi. Amaphoyisa azobe ephume ngobuningi emgwaqweni ukuqapha labo abazobe bephula imithetho yomgwaqo.
Ngesikhathi sethula iNyanga yezokuThutha eMolweni ngenyanga edlule, uhulumeni wesifundazwe wethula amaloli angu-55 azosebenza ukuvala ama-pothole isifundazwe sonke ukuze abasebenzisa imigwaqo bashayele ngokuphepha. Nanamuhla akhona lama loli, azovala ama-pothole lapha eMbumbulu ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Operation Valazonke – okuhloswe ngalo ukuvala wonke ama-pothole akhona.
Ukuvalwa kwama-pothole kuhambisana nokuqala kohlelo lwezokuphepha ngesikhathi samaholidi. Uhulumeni wesifundazwa usebenzisana nezinhlaka zokuphepha emphakathini (Community Policing Forums) kanye namaphoyisa ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi nezivakashi ezizovakashela eThekwini ngalesi sikhathi samaholidi.
Ukuqinisekisa ukusebenza kahle kwezinhlaka zokuphepha emphakathini, uhulumeni wesifundazwe usunikele ngezimoto ezingu-95 kulezi zinhlaka esifundazweni sonke ukwenza umsebenzi wabo ube lula.
Sizocela ukuthi lezi zimoto ziphathiswe okwezikhali zamaNtungwa ngoba ngezokusebenza, kasizilethele ukuthi kungcebelekwe ngazo.
Amalungu ezinhlaka zokuphepha emphakathini siphinde sawanikelela ngomfaniswano (uniform) ongaphezulu kuka-2000 ukwenza kube lula ukuthi abonakale uma esebenza. Siphinde sawalekelela nangazinsiza zokusebenza azidinga kakhulu uma esebenza. Sinxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa kanye nezinhlaka zokuphepha emphakathini ukunqanda ubugebengu obudlangile emphakathini.
UKUBULAWA KWABANTU EMLAZI
Kuyasidumaza kakhulu ukuzwa ngezehlakalo zokubulawa kwabantu emalokishini. Siyakukhuza lokhu futhi sinxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa nezinhlaka zokuphepha emphakathini – amaCPF (Community Policing Forums) ukuthi kuphele lesi sihlava. Izigebengu kaziqhamuki emkhathini, zihlala emphakathini futhi umphakathi uyazazi kwesinye isikhathi uzifihle.
Kusidumaze kakhulu ukuzwa izindaba ezibuhlungu zokubulawa kwabantu abahlanu eMlazi ngempelasonto endaweni ebizwa ngokuthi yise-Uganda. Kudutshulwe kwabulawa abantu abawu 5 emizini ehlukene e-Uganda eMlazi ngeSonto ebusuku.
Emzini wokuqala kutholakale izidumbu ezimbili, owesifazane nowesilisa bedutshuliwe. Emzini wesibili amaphoyisa athole izidumbu ezintathu, abesifazane ababili kanye nowesilisa oyedwa nabo bedutshuliwe. Enye indoda nayo idutshuliwe emzini wayo kodwa yasinda. Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini eshonelwe yizihlobo zayo kulesi sigameko. Sifisela abalimele ukwelulama okusheshayo.
UKWETHULWA KOHLELO LOKUTSHALA ETHEKWINI NGO-2023
Uhulumeni wethu uhlonze ezolimo njengenye yezinto ezihamba phambili ohlelweni lokuThuthukiswa kokuKhula kweSifundazwe saKwaZulu-Natal (Provincial Growth Development Plan) ukuze kuqinisekiswe ukutholakala kokudla kanye nentuthuko yezomnotho esifundazweni.
Ukubhekana nale nselelo uhulumeni waKwaZulu-Natal ngokusebenzisana uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya wethula uhlelo lokutshala i-Multi-Planting Season.
Lokhu kwenzelwa ukusiza abalimi abampofu ukuthi babambe iqhaza emnothweni ngokusebenzisa umhlaba.
Ngokugqugquzela ukuthuthukiswa komhlaba wezolimo ongasetshenziswa ngokwenyusa umkhiqizo, uMnyango uhlinzeka ngezinsiza zokulungisa umhlaba okuhlanganisa ogandaganda kanye neemishini emakhaya ahlwempu, kanye nemiphakathi entulayo.
I-Multi-Planting Season iqukethe le misebenzi egqamile elandelayo:



Ngesikhathi sokutshala isifundazwe sigxila ekukhiqizeni izitsha lo zasehlobo (ummbila nobhontshisi) kanye nokukhiqizwa kwemifino ukweseka uhlelo lwe-RASET.
Abalimi, ikakhulukazi abalimayo kanye nabakhiqizi abancane bathembele emikhiqizweni etshalwe ngalesi sikhathi ukuze bakhiqize ukudla okudingwa ngumphakathi kanye nezimakethe.
Uhulumeni uyabasiza abalimi ngokuthi imikhiqizo yabo ithengwe yizitolo ezinkulu ezingamasuphamakethe kanti abanye abalimi sebenemakethe emazweni omhlaba lapho beyidayisa khona.
Sazi kahle ukuthi ukushoda kokudla kushubile ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, lapho amanani entengo okudla ephezulu kakhulu.
IZINHLELO ZIKAHULUMENI ZOKWESEKA ABALIMI EMBUMBULU
UMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya oholwa nguMhlonishwa uZuma unenqwaba yezinhlelo ezeseka abalimi balapha eMbumbulu kuWard 100.




ABASEBENZA NGEMFUYO NABO ABASALANGA NGEMUVA



UKULUNGISWA KWAMADLELO



Omunye umlimi osethole ukusizwa nguMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo eziseMakhaya nguLoshia Ngcongo indawo yakhe yokusebenza eseNkomazi, kuWard 100.
Ipulazi lakhe litshala ummbila, amazambane, ubhontshisi kanye nemifino enhlobonhlobo kanti selidale amathuba amatoho kubantu abangu-10
Kusukela ngo-2015 uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo eziseMakhaya usufake imali engu-R200 000 ukusiza ngezinsiza zokulima, ukuchelela nokunye okuqondene nezolimo.
ISIPHETHO
Kube yintokozo ukuba lapha eMbumbulu lapho besizoshaya khona izinyoni eziningi ngetshe elilodwa – ngokuthi siqhakambise iqhaza Labantu abadala emphakathini, ukuvala ama-pothole emigwaqweni kanye nokwethula uhlelo lwezokutshala lapho sigqugquzela ukuxosha ikati eziko ngokuthi Phezukomkhono.
Sengathi singaqhubeka nokulima ukuze silwe nendlala.