Introduction and background
Sinibingelela nonke ngalolu Suku lwamaLungelo aBantu, kuyintokozo enkulu ukuba lapha.
Usuku lwanamhlanje lubalulekile emlandweni wezwe lakithi lapho sikhumbula khona isibhicongo esaholela ekufeni kwabantu abangu-69 ababengahlomile eSharpeville nabanye emalokishini afana naKwaLanga nase-Uitenhage mhla zingu-21 kuNdasa ngo-1960.
Ngalolu suku, izakhamuzi ezingenacala ezaziyizisulu zobandlululo zadutshulwa zabulawa ngamaphoyisa ngoba zibhikishela imithetho yamapasi eqondiswe ekumiseni nasekulawuleni ukuhamba kwabantu base-Afrika ezindaweni zasemadolobheni aseNingizimu Afrika.
Njengoba sikhumbula lolu suku oluyingxenye yeNyanga Kazwelonke Yamalungelo Abantu kanye noSuku Lukazwelonke Lwamalungelo Abantu, siphinde sikhumbule izehlakalo ezibalulekile ezalolonga umlando wethu ngezigigaba ezibalulekile ekulweleni kwesizwe kanye nenkululeko.
Akekho ongazi ukuthi into okuthiwa ngamalungelo yaziwe ngawo lohulumeni wentando yeningi. Ngaphansi kohulumeni bangaphambilini into engamalungelo yayingaziwa njengoba abantu babengabonwa njengabantu abangafaneleka ukuba namalungelo ezweni labo. Usuku lwanamhlanje luyisikhumbuzo mayelana nokuzidela okwenziwa ngamaqhawe ethu ezabalazela ukuba sibe nezwe elibuswa ngentando yeningi.
Mphathi wohlelo, singuhulumeni okhethwe ngabantu siyaqonda ukuthi ukuze sivikele amalungelo abantu kufanele sisondelana nomphakathi. Yingakho sizelapha eBaqulusini kwisiFunda iZululand.
Namhlanje uHulumeni wabantu uze kubantu bakithi lapha eBaqulusini, ukuzohlonza inqubekela phambili esiyenzayo ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abantu ayahlonishwa futhi ayafezekiswa.
Siyithimba likaHumeni elihlanganisa bonke oNgqongoshe besiFundazwe, silokhu sikhona emawadini amaningi sihlangana nabantu sibheka ukuthi lokhu okushiwo nguSomqulu wamaLungelo kuyenzeka yini lapha imiphakathi yakithi ehlezi khona futhi ephila khona.
Lendawo yalapha eBaqulusini ike yaba nedumela elingelihle lokuxhashazwa kwamalungelo abahlali basemapulazini. Wudaba lolu esiqhubekayo nokulusebenza futhi ngifisa ukusho ukuthi siya ngokuyinqoba lempi yokucindezelwa kwabasebenzi bakithi abahlala emapulazini. Isekhona imithonselana esele yabacindezeli kodwa igagasi loguquko lingaphezulu kwabo.
Selokhu sifikile lapha sesizungeze izindawo eziningi siphendula ngezinhlelo zokuphucula izimpilo zabantu zibe ngcono. Izolo siqale laphaya ukuqalisa umsebenzi wokwakhiwa kwesikhungo samakhono eDumbe esizokwaziwa ngokuthi yi-Dan Nkosi Skills Development Centre.
Lesikhungo uma sesakhiwe sizokwenza kubelula ukuqeqeshelwa kwamakhono ngaphandle khona lapha esiFundeni iZululand. Abantwana abaphothule uMatikuletsheni ngeke besaphoqeleka ukuthi basebenzise imali eshisiwe beyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme eThekwini, eGoli nakuma-TVET colleges aseVryheid, KwaNongoma nakwezinye izindawo ezikude. Yikhona –ke lokhu ukufezekisa amalungelo abantu.
Okwesibili, selokhu sifikile la ukuzokhumbula Usuku LwamaLungeko Abantu iHuman Rights Day sibe nethuba lokuvakashela iOur Harvest Farm ephethwe ngowesifazane ovelele kwezamabhizinisi eline feedlot, i-abattoir, kanye ne-meat processing and skin processing.
Siphinde futhi savakashela laphaya esiteshini samaphoyisa aseMondlo lapho sifike sabeka izikhalo nokungagculiseki esikutholile emphakathini walapha EMondlo namaphethelo ngendlela lesiyasiteshi esenza ngayo umsebenzi.
Siphinde sayobheka umsebenzi walaphaya kwaEmpire and 1Six co-operative eyenza amatoilet paper kanye nezinto zokukhuculula ezifana nezinsipho ezingamanzi kanye nezinhlobo zama-detergent.
Singuhulumeni wesiFundazwe siyagcizelela ukuthi amalungelo abantu ayovikeleka uma sisebenza kanzima ukufukula umnotho wabantu bakithi. Lomsebenzi oholwa ngomama uyisiqinisekiso sokuthi uHulumeni uyibeka phambili intuthuko yezomnotho kubantu besifazane nabantu abasha.
Selokhu kukhona loHulumeni wentando yeningi ukhona umehluko obonakalayo ezindaweni eziningi owubufakazi boguquko olulethwe yiloHulumeni. Siyazi ukuthi ngenxa yezinselelo ezintsha ezandayo nezidingo zesikhathi samanje okuye ebesingenakho kodwa esesinakho sijwayele ukukusebenzisa kungenza sibone sengathi akukakenziwa lutho.
Umuntu owaziyo uzofakaza ukuthi iMondlo isithuthuke kangcono kunaphambilini yize kusekuningi okudinga ukwenziwa. SiyiloHulumeni wabantu siyazibophezela futhi siyazijuba ukuthi sizolokhu siyizithunywa zenu ezizoletha intuthuko kuwo wonke amagumbi akulesisifunda nesiFundazwe sonke.
Umyalezo wethu uthi kufanele sibambisane, silwe nobubha silethe intuthuko ezindaweni zethu.
Sifisa ukwenza isibophezelo sokuthi sizokwenza konke okusemandleni ethu ukusheshisa izinhlelo zentuthuko ngoba siyazi ukuthi ayikafinyeleli yonke indawo.
HUMAN RIGHTS JOURNERY IN KWAZULU-NATAL
Usuku lwaMalungelo aBantu lwenza sikwazi ukubuyekeza sibheke izinto ezibonakalayo nezibambekayo esezishintshile ezimpilweni zabantu ngenxa yokuba namalungelo kusukela ngo1994. Siyafisa ukuzophendula, ngesilungu bathi we must account, ukuthi ngabe yini uhulumeni osuyenzile ukuvikela amalungelo enu njengesizwe?
EDUCATION
Izibalo zakamuva zesimo sokuphila ezweni ziyasikhombisa ukuthi isimo sesingcono kusukela ngo1994. Uma siqala kwezeMfundo, izinga lokufunda selande kakhulu kusuka emazingeni aphansi kuya e-Primary nasemaNyuvesi.
SOCIAL GRANTS INCREASES
Umehluko omkhulu uyabonakala ohlelweni lwamaSocial Grant atholwa Nyanga zonke ngabantu abaningi. KwaZulu-Natal uHulumeni ukhipha izibonelelo ezihlomulisa izigidi ezingu 4,2 wezigidi zabantu (4,2 million beneficiaries).
Abantwana abalinganiselwa ku 3million bahlinzekwa ngezibonelelo zezingane.
Abantu abadala abalinganiselwa ku800 000 bathola izimpesheni zabantu abadala.
Abantu abangu 1,8million abangasebenzi ngaphansi kohlelo lwe SRD bathola uR350 njalo ngenyanga.
Ngiyafisa ukumemezela lapha ukuthi Lo Hulumeni uzinyusile izibonelelo ezahlukahlukene ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu bakithi bayavikelwa ebubheni nendlala. Lokhu sikwenza ukuze kungabi bikho muntu olala engadlile futhi nokuqinisekisa ukuthi amalungelo abantu ayavikeleka.
• Kusukela ngomhlaka 01 April 2023, i-Grant in Aid for the vulnerable (abadala ababuthaka, abangasakwazi nokuzisisa) iyanyuka isuka ku-R480-R500 iphinde futhi ngo 01 October 2023 yenyuke ibe-R510.
• Child Support Grant yona iyanyuka isuka ku-R480 ngo-01 April 2032 ifinyelele ku-R500 kanti iphinde yenyuke ngo-01 October 2023 ibe ngu-R510.
• Top Up Child Support Grant nayo ikhushulwe kusuka ku-R240 isizoba ngu-R250 kusukela ngo-01 April 2023 kanti ngokunjalo ne-Care dependency grant, yona uHulumeni uthe chatha isuka ku-R1 990 iya ku-R2 080 ngo-01 April 2021 iphinde futhi yenyuke ngo-01 October 2023 iyofinyelela lapha ku-R2 090
HEALTH
Ngasohlangothini lwezempilo uhulumeni uzamile ukwehlisa izinga labantu ababulawa yiNgculazi lehla kakhulu kwanyuka izinga lokuphila ngenxa yokusabalalisa nokufundisa ukudla imishanguzo yokuthothobalisa igciwane lengculazi. Kodwa noma kunjalo iNingizimu Afrika isathathwa njengezwe elinezibalo eziphezulu kakhulu zabantu abasahaqwa yigciwane lengculazi emhlabeni jikelele. Namuhla sinezinhlelo ezisondeza ezempilo kubantu nezibhedlela kubantu okuphucula kakhulu izinga lokuphila.
Service Delivery
Ngaphezu kwalokhu uHulumeni wakhele abantu izindlu, ziningi izindawo ezilethelwe amanzi yize kunezingqinamba kwezinye izindawo. Ngaphezu kwakho konke lokhu uHulumeni ukhipha amatayitela anikeza abantu bakithi amalungelo obunini bomhlaba. Ngendlela esenza ngayo kwezokuhlaliswa kwabantu iKwaZulu-Natal isahamba phambili kunezinye izifundazwe.
Lokhu ungakufakazela ngendlela esisebenze ngayo ukubuyisa isithunzi namalungelo ezakhamizi ezakhahlanyezwa yizikhukhula. Namuhla akukho noyedwa ohlala ematendeni noma emahholo. Indlela uHulumeni wethu owenza kahle ngayo kwezokuhlaliswa kwabantu (Human Settlements), sibashaya bonke emakhanda kuzwelonke.
Nakuba kungakeneli kodwa izinga lobuphofu liyehla ngenxa yalezi zibonelelo zikahulumeni eziya ebantwini ngqo. Njengoba sigubha iminyaka engu 29 yokubuya kwamalungelo abantu ngeke sangabaza ukuthi inkululeko ka-April 27, 1994, ilethe ukuziqhenya kubantu bakithi, yabuyisa isithunzi sethu njengaMa-Afrika.
Kodwa siyazi ukuthi kunezinselelo ezintsha. Sinesu elisha esinalo esizoqiniseka ngaso sonke ukuthi izinhlelo zikahulumeni zisheshe zifike kubantu. Siyazi ngenkinga enkulu yamanzi, ukwantuleka kwamathuba emisebenzi, ukungakhuli ngendlela efanele komnotho kanye nezinkinga zikagesi. Kodwa okuhle wukuthi sesiqalile nezinhlelo zokubhekana nale zinselelo.
Kamuva sithole imvume yokuthi sikwazi ukusebenzisa amanzi eJozini Dam, azolekelela kakhulu ukuthi sixazulule inkinga yamanzi lapha eZululand. Umnyango wezaManzi kuZwelonke uyalungisa udaba lweMandlakazi Water Scheme, oluzoba nomthelela obonakalayo odabeni lwamanzi lapha eZululand.
Sizoqhubeka singHulumeni ukuletha ingqalasizinda, ukulwa nezifo, ukulwa nobugebengu kanye nezinhlelo zokusiza labo ababuthakathaka oGogo, omkhulu, abakhubazekile, izintandane, abafelokazi kanye nemindeni ekhahlanyezwa yisifo esingumashaya abhuqe ingculazi.
Ngiyafisa ukunazisa ukuthi ngesikhathi sethula inkulumo yesiFundazwe simemezele ukuthi kuzokwakhiwa isibhedlela esisha ngapha ngaphesheya koThukela kanye nemitholampilo eyishumi nanye (11). Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ilungelo lezempilo labantu bakithi liyahlonishwa.
Mphakathi waseBaqulusini, amalungelo yinto ekumele siyihloniphe, akekho onelungelo lokuphuca omunye umuntu ilungelo lakhe. Ukusukela namuhla Masizibophezele ukulwa nezigameko zokulwa nokuxhashazwa kwamalungelo abantu besifazane, abadala kanye nezingane.
Kubuhlungu kithina singuhulumeni ukuzwa ngezehlakalo zobugebengu lapho kubulawa khona imindeni, ngenxa yokuthi mhlawumbe owesifazane usebenzise ilungelo lakhe lokuzikhethela ukuthi ubudlelwane akubo akasabufuni. Emasontweni edlule besikhuza umhlola lapha singenelela odabeni olwenzeke kwaNongoma lapho owesilisa ebehlukumeza khona izingane ezinye ezineminyaka emihlanu. Lona wumuntu obesondelene nomndeni kodwa wona unganakile. Lokhu kufanele kube yisifundo kithi sonke ukuthi kufanele sihlale siqaphile.
Kamuva nje kunezigameko eziningi ezihlukumeza amalungelo abantu lapha eBaqulusini. Saphoxeka kakhulu ukuzwa ukuthi kunamakhansela agxambukela ekuqashweni kwabantu athi ukuze usebenze emkhandlwini kufanele ubeyiqembu elithize. Sizwile futhi ngezinsolo kulemikhandlu lapho amakhansela anunusela abantu besifazane abandinga umsebenzi bese bethi kufanele usondelane nawo kuqala.
Yichilo leli futhi yihlazo elikhulu esizweni sethu. Sisigxeka ngayoyonke indlela ngoba wubufakazi obuqavile bokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu. Izwe lethu alibadingi abantu abanjena ezingeni lobuholi.
Singuhulumeni asisoze savuma ukuthi imiphakathi yethu iphenduke izinkundla zokugilwa yiziphathimandla ngoba nakhu idinga izinsiza ezingamalungelo azo. Sizokwenza konke okusemandleni ukuvikela amalungelo ezakhamuzi zakithi. Siyalandelela ukuthi ingalo yomthetho isihambe ibanga elingakanani kuzephulamthetho.
BUILDING OUR ECONOMY FIGHTING RACISM, SEXISM AND XENOPHOBIA
Lento yokuthi umuntu wesifazane uyashaywa ayiphele. Wonke umuntu oshaya umuntu wesifazane kumele aboshwe okungenani u15-years without bail ukuze kube nobulungiswa.
Lento yokuthwala amantombazane kuthiwa ayoganiswa ngenkani ayikho emthethweni. Amantombazane nawo anamalungelo.
Addressing Human Rights of the Farming Community
Lapha eZululand nakwamanye amaDistrict, iOffice of the Premier isebenzisana nazozonke izinhlaka zikaHulumeni nemphakathi ukuxazulula izinkinga ezikhungethe imphakathi yasemaplazini.
Kukhona udaba lwase Nkunzana Communal Land Trust farm in UPhongolo Local Municipality esiluphethe eHhovisi likaNdunankulu.
Kukhona nodaba lukaBaba uMtshali e-Gluckstadt Farm (Abaqulusi Local Municipality.
All these matters related to disputes are and will continue to be handled with due care by the Office of the Premier.
Traditional Leaders and the Fight against Crime
Mphathi Wohlelo, ngesikhathi kuvulwa isishayamthetho ISilo sikhulume kabanzi ngesimo sezokuphepha kanye nozinzo emphakathini. Ngokubambisana namakhosi, izinduna nezakhiwo zobuholi bomdabu sizosebenzisana kakhulu namaKhosi aseNdlunkulu ukuze silwe nalesisihlava sobugebengu esihlukumeza imiphakathi yethu.
Izidakamizwa ezidayiswa udede emphakathini zingumsuka wobugebengu osebuxakile ngisho ezindaweni zamakhosi. Kutshonthswa izimpahla ukuze kutholakale lezidakamizwa. Izigebengu ezibulala ikusasa lentsha yethu ngezidakamizwa eziningi zihlala emphakathini.
Kufanele singathuli kodwa sisebenzisane namaphoyisa ngoba uma kubanjwa izizinda zezidakamizwa nalabo abangabanining balombulalazwe wemboni lokhu kuyobe ukuvikela amalungelo ethu sonke. Sizoba nawo maduze umhlangano wokulwa nobugebengu, ukubulawa kwkamakhosi nezinduna obizwe yiSilo ngesikhathi sikhuluma esishayamthetho.
IZINDUNA
Ngiyafisa ukubongela izinduna zamakhosi ezikhona phakathi kwethu ngoba loHulumeni oholwa wuKhongolose usibuyisile isithunzi namalungelo ezinduna. LoHululumeni uqalise ukuholela izinduna ukuze zikwazi ukwenza imisebenzi njengezandla zokuphosa zamakhosi. Babekhona abanye oHulumeni kodwa abakaze baziholele izinduna. Ngaphezu kwalokhu uHulumeni ulungisile udaba lwemihlomulo yezinduna ebisasalele emuva. Siyazibongela izinduna ngoba uHulumeni wamakhosi nezinduna uyanakekela ilungleo lawowonke umuntu.
Announcements: Connectivity Challenges
Mphathi Wohlelo, namuhla uHulumeni ulethe uguquko olubonakalayo lapha. Ngiyafisa ukwenza lezimemezelo. Nonke nyazi ngomshikashika wohlelo esiluqalile lokwakha isiFundazwe esihamba phambili kwezobuchwepheshe – Smart Province. Ngizwile ngodaba lwenkinga yeNetwork ekhalisa kakhulu umphakathi. Ngaphansi kohlelo lwe Smart Province, sizoqinisekisa ukuthi udaba lwe-Network luyasukunyelwa futhi luyaxazululwa ngokushesha. Ithimba leze –ICT lizoqalisa izinhlelo emasontweni alandelayo nakwizakhiwo zikaHulumeni.
Undocumented leaners
Namuhla sizonikeza izitifiketi zokuzalwa kubantwana ebebenezinkinga zamabirth certificate. Izingane ezingu 15 zase Langgewacht Primary School, namuhla ngenxa yokufika kukaHulumeni waKwaZulu-Natal seniyizakhamuzi ngokugcwele ngoba umonakalo usulungisiwe futhi senizothola kalula nezibonelelo zenu. Siqalise ngamandla uhlelo lokulwisana nobubha ngokuthi izingane nabafundi ezingenabo omazisi zibenohlelo kuzona zonke izifunda kuhlanganisa umnyango wakwaHome Affairs. Lapha eZululand inani labafundi abadinga lezinsiza bangu 18000.
CONCLUSION
Sengiphetha ngiyafisa ukusho ukuthi KwaZulu-Natali sizoqalisa uhlelo ngokubambisana nomnyango wezaseKhaya inhlangano ezimele yokhetho u-IEC ukuqeqesha abantu abasha ukufundisa ngamalungelo nokuvikela inqubo yethu yentando yeningi. Ikusasa lentando yethu yeningi likubantu abasha.
Siwuhulumeni wakwaZulu-Natali kuzona zonke izindawo sifisa ukudlulisa umyalezo wokuthi abantu abaphume bayovikela intando yeningi ngokuthi bavotele amakhansela azobambisana noHulumeni ekusheshiseni izidingo zabantu. Kumele sivotele ubuholi obuqotho obuzobeka izidingo zethu phambili, sifuna ubaholi obusikhathalele, obungeke busincikisele ngobuqembu ukuze sisebenze noma ufune kuhlanganwe nabo ngasese ukuze uthole umsebenzi.
Sibonga kakhulu ukuphuma kwenu ngobuningi benu nize lapha kulomgubho loSuku lwaMalungelo aBantu (Human Rights Day). Kuzofanele siqikelele ukuthi lamalulungelo esesiwazuzile awabuyeli emuva ngakho kufanele siwavikele. Kunoma yiziphi zinqumo esizithathayo kufanele sichelele lempande yenkululeko nokuhlonishwa kwamalungelo ethu njengezakhamuzi. Amalungelo ethu ayifagugu lethu lomzabalazo okufanele silivikelele zikhathi zonke.
Happy Human Rights Day
Together Growing KwaZulu-Natal