Ngokuzithoba ngibingelele!
Hlanga Lwezwe, ngiphakama egameni likaHulumeni waKwaZulu-Natal ukwamukela lelithuba lokuba sihlangane lapha siholwa yiNgonyama enguNomthebe wethu njengesizwe, njengoba ingonyama izosivulela ngokusemthethweni ukusebenza kweNdlu yobuHoli boMdabu yesiFundazwe kulonyaka ka 2023.
Kuhlala njalo kuyisibusiso esikhulu kithina singuZulu futhi singuHulumeni wakho wena weSilo ukuba nawe njengomholi wethu ngoba ubuholi bakho yibona obenza isizwe sethu sibe yimbumba.
Lolu usuku olukhulu lapho okokuqala ngqa emlandweni iNdlu yabaHoli boMdabu ivulwa yiNgonyama yethu ezalwa yiSilo esibuzileyo UBhejane Phume’Siqiwini, okusho ukuthi thina esiphila kulesikhathi sanamuhla singabantu abanenhlanhla engandele bani ngoba singofakazi uma kwenzeka lomlando phambi kwamehlo ethu.
Ukuvulwa ngokusemthethweni namuhla kweNdlu yabaHoli boMdabu lapha KwaZulu-Natal yigxathu elibaluleke kakhulu elivulela ukusebenza ngokukhululekile kwezinhlelo zeSilo namaKhosi.
Mhla zingu-23 February ngenyanga edlule sibusiseke kakhulu iSilo sisivulela ngokusemthethweni isiShayamthetho sabhema sakholwa iziyalo, amasu nezimfudiso zeNgoyama yethu.
Sizwile libhonga ibhubesi likhuza umhlola ngamahlazo odlame nokuhlukunyezwa okwenzeka ebantwini bakho Ndlulamithi yamakhosi.
Kulandela ikhwela elashaywa yiSilo mhla zingu-23 esiShayamthetho, mayelana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ubugebengu, nokubulawa kwaMaKhosi neziNduna, singuHulumeni sizokwenza konke okusemandleni ukulwa nalesihlava. Siphansi phezulu nokufezekisa lokhu iSilo esithe masikwenze.
Izinhlelo zengqungquthela noma i-Summit ziyaqhubeka kanti silokhu sixhumana neHhovisi lakho wena weSilo ukuqinisekisa ukuthi lokhu kwenzeka ngokushesha ukuze sidingide kabanzi udaba lokuphepha kwabaHoli boMdabu.
SinguHulumeni wakho Silo, siyazibophezela ukuhlale sisebenzela ukubambisana okuhle nezakhiwo zobuholi bomdabu futhi siqinisekisa ukuthi lobudlelwano buholela ekuthuthukisweni kwezimpilo zabantu bakho Ngonyama.
Ngakolwethu uHlangothi thina esihola uHulumeni kanye neMinyango yonke, sizoba seduze nazozonke izinhlelo zeSilo, sizixhase njengoba kufanele ngokubambisana neHhovisi leNgonyama.
Yonke iMikhosi yaseNdlunkulu ngokungakhethi, sizoyixhasa senze isiqiniseko sokuthi iba yimpumelelo.
Sizibophezele njengokweziyalo zeSilo ukuthi sizosebenzisana neNdlu YabaHoli beNdabuko ukulwa nobugebengu nezinswelaboya, silwe nobuvila esizweni siqgugquzele ukusetshenziswa komhlaba ukuze isizwe sithuthuthuke futhi sikwazi ukulwa nobubha Kanye nobuphofu.
Hlanga Lwezwe, ngesikhathi sethula inkulumo yesiFundazwe kusiShayamthetho, sikubeke kwacaca ukuthi sizothatha izinqumo ezinqala kulonyaka ukuqinisekisa ukuthi isiFundazwe nabantu bakho Silo izimpilo zabi ziyaphucuka ziba ngcono.
Ngiyafisa ngiselapho Ngonyama ukudlulisa ukuxolisa nokudumala kwethu ngesenzo samanye amalunga ambalwa nokho esiShayamthetho asithele sonke ngehlazo ngendlela aziphathe ngayo kukhona uNomthebe wethu phakathi kwethu.
Lokhu kusithunazile sonke kodwa siyashweleza koNgagezwe ngethemba lokuthi bazokwenza okufanele ukuzogeza ihlazo abathele ngalo isizwe.
Siqalile Silo izinhlelo zokwakha isiFundazwe sethu emva kwezigigaba eziningi ezisehlele kuleminyaka emithathu edlule.
Ngomgqibelo lona esiphuma kuwo besihlangene namakhosi, umphakathi nabalimi eMandeni lapho besethula khona izinhlelo zokuthi kulinywe sethula nezinsiza zokusiza abalimi ukulungisa imgwaqo yokungena emasimini nengqalasizinda eyalimala ngesikhathi sezikhukhula. Sidlulisele nezinye izinsiza nezimbewu ukuze kutshalwe kuthuthukiswa ikakhulukazi kwizindawo zasemakhaya silwe nendlala.
Sizobambisana noSilo ekusabalaliseni lolusikompilo lokulima nokutshala ukuze silwe nendlala siqede ubuphofu ngokusebenzisa umhlaba njengoba sihlale siyalwa yisilo.
Asigcinile lapho kodwa sifake nengxenye yezobuchwepheshe besimanje yokulima. Sihlele nezinhlelo zokuqeqesha abalimi abasafufusa ngaphansi kwamakhosi ukusebenzisa amadrone ukuchelela amasimu nokubulala izinambuzane nokunye.
Sizoqhubeka nokuhlinzeka ngengqalasizinda phakathi kokunye ukuvuselelwa kwamaDiptank, ukuNisela, amadlelo, amaBoreholes, amaDamu nokubiyelwa kwezindawo ezilinywayo. UHulumeni uzokweseka ukutshalwa kwamahektha angama-6293 ukuze kukhiqizwe izithombo eziyizigidi eziyishumi esikhathini esiyizinyanga eziyi-12 ezizayo.
Hlanga Lwezwe ngiyafisa ukusho ukuthi simemezele kwinkulumo yesiFundazwe ngokusungulwa kwe-Community Safety Intervention Unit, okuwuphiko oluzobhekana ngqo nezindaba ezithinta ukuphepha kwamakhosi. Loluphiko luzosebenzisana nazozonke izihlaka okungumsebenzi wazo ukuphephisa isizwe.
Ngiyafisa futhi ukubika Silo, ukuthi ngesonto eledlule isisombululo sesitholakele odabeni obeluyinzukayikeyi isikhathi eside mayelana nemihlomulo ebisasilele yezinduna phecelezi iBack Pay. Kuyasijabulisa ukubika ukuthi ekugcineni emva kwemihlanagano eminingi sibambisene sikhuluma noHulumeni kaZwelonke ngaloluda sekuyantwela ezansi.
Silindele ukuthi ngoLwesihlanu Mhlaka 10 March 2023, uNgqongqoshe wesiFundazwe wezeZimali, uMhlonishwa uNkoyeni asethulele ukuthi kuhlahlolwabiyo-mali, kuhlinzekwe isamba esingakanani kule-Back Pay. Ngemuva kwalokho uMnyango wakwaCogta uzobe usuqalisa ukukhokhela izinduna ezifanele ukuhlomula kulokhu.
Silo namaMakhosi aseNdlunkulu lomsebenzi ungubufakazi belinye lamagxathu amaningi esesikwazile ukuwazuza nebanga eselihanjiwe kuyona leminyaka engu-29 selokhu izwe lethu lathola inkululeko ukuththukisa isithunzi sesakhiwo sobuholi bomdabu. Izinqinamba esibhekane nazo kuyona leminyaka zisenze ukuthi sikwazi ukuqina kanye nokuthi siqhamuke namasu okuthi sinqobe izinqinamba esibhekana nazo.
Senze lukhulu, ngokubambisana namakhosi neNdlunkulu Hlanga Lwezwe, sizamile izibonelelo zezempilo (Medical Aid Benefits), Izinsiza (Tools of Trade), Imizi yezizwe, ukuhlomula kwezinduna, ukuxhasa imikhosi yezizwe nokunye okuningi. Ngiyafisa ukubika Hlanga Lwezwe ukuthi nasodabeni oluthinta omabhalane bezizwe kukhona esikuhlelayo ngeke kusafana nakuqala.
Yize umkhulu umsebenzi namakhosi nezinduna abangofakazi bayo kodwa ngiyobe ngisenga ezimithiyo uma ngingathi sesiqedile futhi sekwanele, iseyinde lendlela esiyihambayo ukubuyisa isithunzi sobuholi bakithi bomdabu. Njengoba sihlale sisho Silo, siyisizwe esingalilahli ithemba, izingqinamba ziyasihlanganisa kunokusahlukanisa.
Njengenjwayelo uHulumeni wesiFundazwe uzoba nezithangami namakhosi nezindlu ezifundeni njengoba indlu izobe isivuliwe sizokwethula izinhlelo zokuthuthukisa imiphakathi egaphansi kwamakhosi.
Ngalamazwi ngibhula nje amazolo ukulungiselela umyalezo iNgonyama yethu esiphathele wona namhlanje.
Sifisela iNdlunkulu Kanye namakhosi onke nezakhiwo zomdabu unyaka omuhle wokusebenza nogcwele impumelelo kanye nokusebenzisana ku2023/2024.
Siyabonga!