Programme Director;
Bayede! Silo samaBandla Onke, Ingonyama Misuzulu KaZwelithini, Wena weNdlovu!
Members of the Executive Council present;
Members of the Zulu Royal Household;
Traditional Prime Minister, uMtwana wakwaPhindangene;
Amabutho eSilo;
District and Local Mayors;
Local Councillors;
Members of political parties;
Business Sector;
Traditional Leadership;
Members of Faith-based Organisations;
Distinguished Guests;
Ladies and Gentlemen;
Ngiyabingelela kusona sonke isizwe seMbube esihlangene lapha namuhla nginifisele nonke unyaka ka 2023 omuhle onezibusiso.
Sijabule kakhulu ukuthi silapha namuhla siholwa yiNgonyama, endaweni yomlando obalulekile esizweni sethu, yesikhumbuzo seminyaka eyikhulu namashumi amane nane (144years) yokuhlabana kukaZulu ehlula abancindezeli. Uma silapha kuvuka usinga, kuvuka imizwa yempi yenkululeko namaqhawe akithi alwa lapha eSandlwana evikela ubuthina njengamaAfrika, isithunzi somuntu omnyama, ubumbano lwabantu ukuze siphile nathi ngokukhululeka. Yingakho ngithi ukuba lapha kuvusa imizwa.
Njalo uma siqala unyaka lomcimbi wesikhumbuzo sokunqoba kukaZulu eSandlwana uHulumeni wesiFundazwe uyawuhlanganisa eholwa yiSilo neNdlunkulu ngoba kithina ufana nethempeli lokuphila. Uma silapha sisuke sizovuseleleka futhi sizothatha umdlandla kumaqhawe akithi alala phansi kulendawo elwela ukuthi thina sizukulwane esikhona manje siphile impilo ekhululekile.
Sinenhlanhla thina lapha esifundazweni saKwaZulu‐Natali ukuba sibe nomcimbi ongagcini nje kuphela ngokuthinta izimpilo zethu nomlando wethu kuphela lapha KwaZulu‐Natali kepha ozigi zawo zizwakala lonke izwekazi laseAfrika kanye namazwe aphesheya kwezilwandle.
Lolusuku lwanamuhla, nomcimbi wanamuhla, kuyingqanyizivele ngoba sizokhumbula labo abayibamba ishisa, bachitha ingazi labo ngoba benzela ukuthi igama elithi “zulu” lingashabalali.
Namuhla sizokhumbula labo ababa ngamavulandlela ekulweleni inkululeko yethu, izinhlangano zezombusazwe zingakafiki. Yibo laba abasinika isibindi, kwathi ngezenzo zabo zobuqhawe basitshengisa ukuthi labo ababesicindezele singakwazi ukubehlula. Namuhla‐ ke nathi sizothatha amandla, sizifake nogqozi olusha emkhankasweni wethu wokwakha isizwe esisimeme, lapho khona indlala ifana nenganekwane futhi kunenhlonipho nokuzwana.
Imibhalo nomlando kuyasitshela ukuthi lolusuku lwaba ngolukhethekile emlandweni womhlaba ngoba kulapho labo ababethathwa kancane kwezempi futhi bevela ezwenikazi elalibukelwa phansi, batshengisa khona ukuthi ingcindezelo ngeke bayimele, baqoma khona ukufa. Bakhona futhi kubona abaqophi bomlando abazama wonke amasu ukuba lomlando omuhle walapha eSandlwane wethu wokunqoba bawuhlanekezele noma bawufenyise ukuze bungabonakali ubuqhawe bethu njengabantu balapha eAfrika. Lokhu kumele singakuvumeli.
Bayede! Hlanga Lomhlabathi!
This commemoration takes place for the first time since our King performed the important ceremony of entering the kraal and the historic event at Moses Mabhida stadium where Ingoyama received the certificate of recognition as our King.Indeed, the sun now shines again in KwaZulu-Natal, like it shone on King Cetshwayo’s regiments, 144 years ago during the memorable, remarkable and historical Impi yaseSandlwana.
Despite the setbacks and pain caused by the floods and other disaster in 2022, we are grateful that we commemorate Impi yaseSandlwana having ensured that all who were housed in Mass Care Centres, have been moved to decent and dignified accommodation while preparations are under way to build permanent houses for them.
Our ancestors united to face the enemy that threatened to destabilise the Zulu Kingdom under Isilo uCetshwayo, uNjinindi Omnyama! The enemy was also hellbent on dethroning the Zulu Kingdom and robbing it of its autonomy.Like amabutho eSilo uCetshwayo who were united and resilient against adversity – we also need to stand united and be resilient to face the challenges of 2023 and conquer them.
Bayede!
Inselelo enkulu esibheke nayo ngeyokulondolozwa komlando walapha eSandlwana neminye ebalulekile esifundazweni sethu. Kumele lomlando omuhle wethu wokunqoba siwuphathise okwezikhali zamaNtungwa. Izingcithabuchopho zethu kumele zibhukule zikhiqize izincwadi; izinkondlo; amahubo; nemifanekiso yamabhayiskobho kanye nokunye ukuze kubhekanwe nalempi yokuhlanekezela umlando.
Njengoba nomhlaba ushintsha‐nje, nezindlela zokuxhumana nazo ziguquka, kubalulakile ukuthi sisebenzise nobuchwepheshe besimanje ukulondoloza nokusakaza lomlando omuhle kakngaka walapha eSandlwane.KwaZulu-Natali, sibeke eqhulwini uhlelo lokwenza isifundazwe sibe ngesihlomulayo kumnotho omusha wezobuchwepheshe. Sinohlelo lwe Smart Province, lapho siqeqesha khona intsha ukuba ihlomule ngamakhono azoyisiza kwezobuchwepheshe be Fourth Industrial Revolution.
Isizinda somnotho nemisebeni emisha ilele kumkhakha obizwa ngeDigital Economy. Yingakho sinohlelo lwama Booth Camps lokuqeqesha abantu abasha ukusebenzisa amadrone, ukuwakhanda, ukulungisa amaComputer, laptops, namaCellula phones.Ikhona nentsha esiyithathile lapha eMzinyathi nalapha eNquthu. Loluhlelo sizolukhulisa kakhulu kulonyaka ka2023 ngoba lomkhakha yiyona ntuba entsha yamathuba emisebenzi. IziMeya zalapha Emziyathi nezinye izifunda sithe akunikezwe lentsha evela lapha ezindaweni zethu esiqeqeshiwe amathuba ebhizinisi lokulungisa amakhompyutha, amacellular, laptops nokunye okudinga ubuchwepheshe. Isidingo sokuyisa lemisebenzi kumaPakistani, nondlebe zikhanyilanga abanye abale koKapa siphelile. Izimoto zikaHulumeni noMasipala azikhandlwe khona lapha eNquthu naseMzinyathi zingasiwa ezinkampanini zabadla izambane likampondo koThekwini, Newcastle emagaraji amakhulu.
Akunikwe ithuba oDlamini Autobody baseNquthu, uma kwenziwa ama Car Service akufukulwe omakhenikha bakithi eNquthu naseMzinyathi. Kuyongijabulisa uma ngelinye ilanga ngibona bonke labasebenzi emagaraji amakhulu alapha eMzinyathi nokuyibona abenza vele lemisebenzi kulamagarajiamakhulu sebevule okwabo izimoto zikaHulumeni nomasipala sezilungiswa yibona. Imali yomasipala ayisetshenziswe kahle ukuthuthukisa abantu ingasetshenziswa kwimicimbi yokuzijuxuza qede abantu bayobulawa yindlala, imisebenzi dololo, amanzi nawo awabonwa!Umkhakaso wokuba yisifundazwe esinentsha enamakhono kwezobuchwepheshe kuzothuthukisa umnotho wezindawo kusheshilse namathuba emisebenzi.
Ngaphezu kwalokho lobuchwepheshe bemisebenzi emisha iyokwelekelela ukuba nesizukulwane esisha nalabo abangakaveli kulomhlaba lomlando walapha eSandlwana uqoshwe, ulondolozwe ungabalahlekeli.As provincial government, we have embraced the Fourth Industrial Revolution (4IR) through our Smart Province campaign which encourages learners to at primary schools to use modern technology which holds many benefits for them.If our learners embrace technology at a tender age, the world will be their oyster and playground.We cannot afford to be left behind again, during the Fourth Industrial Revolution.Namuhla kukhulunywa kakhulu ngeJerusalema eBhayibhelini kodwa bambalwa abaziyo ukuthi uNehemiya wakwazi ukuba nombono wokwakha iJerusalema elisha ngenxa yomlando owabe uqoshiwe ukuthi lalimi kanjani futhi lilihle kanjani.
Sonke singuHulumeni nomasipala kufanele sisukume sibhukule ngezinhlelo zokukhusela lomlando oyonikeza ugqozi mhla zona lezozikulwane sezibhekene nezinselelo zazo.Our heroic forebears displayed courage and unity when fighting an invading army which threatened to dispossess them of their land. They showed fortitude and resilience in their struggle against oppression, land dispossession and colonialism.Impi yaseSandlwana isifundisa ukuthi uma sihlangene, sibambene – singasinqoba isitha ngisho ngabe sikhulu kangakanani.
Namanje kumele sibe yimbumba ukuze silwe impi yokuguquka kwesimo sezulu okuholela ekutheni isifundazwe sethu sihlaselwe yizikhukhula ezidala umonakalo omkhulu.Uma siyimbumba njengamabutho eSilo uCetshwayo – uMbonambi, uKhandampevu neNgobamakhosi – anqoba amasosha amaNgisi, nathi singasinqoba isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nabantwana, ububha kanye nokungalingani.Udlame olubhekiswe kubantu besifazane luyisihlava esibi kulesi sifundazwe sethu ngoba luholela ekuhlukunyezweni nasekubulaweni kwabantu besifazane kanye nezingane.Kumele silwe, silunqobe njengamabutho eSilo uCetshwayo acoboshisa impi yamaNgisi, angena emlandweni ongasoze wacishwa.
Siyajabula ukubona ukuthi Isilo sibambisene noHulumeni wesiFundazwe kanye noMasipala abahlukene ukulwa nempi yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nabantwana okudla lubi kulesi sifundazwe sethu.NjengeSilo uCetshwayo esakhombisa ubuholi nobuhlakani sibhekene nesimo esimanzonzo, siyajabula ukuthi sesineSilo sethu Ingoyama uMisuZulu kaZwelithini, ukhombisa ubuholi obumangalisayo esizweni sethu kuzona zonke izinselelo esibhekana nazo.Hlanga loMhlabathi, siyathobeka ukuthi abashiyanga dengwane abantu bakho ngesikhathi behlaselwe yizikhukhula ezashiya kukhalwa. Futhi uyaqhubeka nemikhankaso yokubumba isizwe nokulwa nobubha.
Imikhankaso yokuqhakambisa amasiko ethu asenza siziqgaje nomlando wethu isezingeni eliphezulu ngaphansi kobuholi bakho Hlanga Lwezwe!Wena weNdlovu, sengathi banganda abaholi abafana nawe – abaqhakambisa ukuzwelana nabantu kunokuzicabangela bona.Sineqiniso ukuthi uma sibambisene nawe, Silo SamaBandla, sizosinqoba isihlava sobugebengu, izidakamizwa njengeSilo uHlamvana Bhula umlilo eNdulinde – esanqoba Impi yaseSandlwana ngokugqugquzela ukubambisana nobumbano emabuthweni kaZulu.
Ngokubukela emabuthweni eSilo uCetshwayo, akwazi ukunqoba ukuqhathwa kwabantu abamnyama ngamaKoloni – nathi singabunqoba ububi obufika nalabo abasiqhatha sisodwa singabantu abamnyama,Ngokubumbana nangokubambisana njengamabutho aseSandlwana, singabunqoba ubugebengu, udlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabo, ukucwila kwentsha ezimbizeni zikaFaro nasezidakamizweni.Sithi Zulu Omnyama Ondlela Zimhlophe! Zulu Uyesabeka! Zulu unomlando!Hlanga lwezwe, siyazigqaja ngokuba yingxenye yalomlando obatshazwa umhlaba wonke.
Asingabazi futhi ukuba lezingazi ezaphalala lapha eSandlwana azizange zichitheke, mhlawumbe nathi sasingeke sibe nawo amandla nogqozi lokulwela inkululeko yalelilizwe. Kulonyaka sigubha iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye (29 years of Democracy) selokhu kwafika umbuso wentando yeningi. Lentando yeningi yathengwa ngegazi lamaqhawe akithi futhi kumele siyazise. Simelwe wukuba siliqhakambise igalelo lalamaqhawe akithi aguqa lapha kulenkundla ukuze nathi sinyathele lomhlabathi ngenhlonipho sikhumbula ukuthi lomhlaba akusiwona owethu kepha siwuphathele izizukulwane ezizayo.
Ngiyabonga.
Bayede!
Wena WeNdlovu!