*UHULUMENI NOMNQAMLAJUQU WESIBALO SABAKHUBAZEKILE OKUFANELE BAQASHWE
*KUZOSUNGULWA NOHLELO LOKWAKHA NOKUKHANDA AMA-WHEELCHAIR
UHULUMENI waKwaZulu-Natali uzibophezele ngokuqhubeka nokweseka abantu abaphila nokukhubazeka, wabeka isibalo sabakhubazekile okufanele babe sebeqashiwe kuwo wonke amazinga kaHulumeni ngonyaka ozayo.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kugujwa usuku lwabaphila nokukhubazeka emcimbini obuse-Bergville Sports Complex, ebigcwele ithi phama.
Bekumnandi kudelile, amaciko aphila nokukhubazeka eshiyelana inkundla ngamanoni omculo kanye nezinkondlo.
Enkulumweni abeyifundelwa wuNgqongqoshe wezeziMali uNksz Peggy Nkongeni, uNdunankulu wesifundazwe uNks Nomusa Dube-Ncube uthe kukhulu okwenziwa wuHulumeni wentando yeningi ukubonelela abantu abaphila nokukhubazeka, nokuyinto eyayingenzeki kakhulu phambilini.
Ube esefakela wonke uHulumeni waKwaZulu-Natali inselelo, wathi: “UHulumeni wentando yeningi uyazibophezela ukubhekela abakhubazekile. Bayanda abakhubazekile abathola ukuqashwa nguHulumeni. Njengamanje sesilinyusile inani laba ku-7%. Sesikhiphe umyalelo othi uma sihlangana ngalesikhathi ngonyaka ozayo akufanele kube nomnyango kaHulumeni noma uMasipala ongaqashile abakhubazekile abakulesi sibaloesisemgomweni wethu.”
Kulomcimbi bekukhona noNgqongqoshe wezeMpilo uNksz Nomagugu Simelane, owezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Nonhlanhla Khoza, owezeMfundo uNksz Mbali Fraser, noSihlalo woziHlalo uNksz Hlengiwe Mavimbela.
UNdunankulu ukhuthaze abakhubazekile ukuba bafake izicelo zomsebenzi nezokuthola ama-tender.
“Sifuna ukwenza kunokukhuluma.Sidinga ukuwuqeda umqondo wokuthi kunemisebenzi abantu abakhubazekile abangakwazi ukuyenza ngenxa yokukhubazeka. Ukukhubazeka kungenzeka kunoma ngubani noma nini. Kungaba ngenxa yokugula, ingozi emsebenzini, noma ekhaya, kodwa lokho ngeke kusho ukuthi awusenalo ikhono.
“Ukuvulela abakhubazekile amathuba kusiza umnotho, akuyona into yokuyenza ngoba ugcina icala noma ukuzama ukuthobela umthetho. Makwenziwe ngenhloso yokwenza umehluko ezimpilweni zabakhubazekile.”
Enkulumweni yakhe yokudlulisa ukubonga, uNgqongqoshe uSimelane ubonge ukubambisana okuhle okukhona phakathi kukaHulumeni kanye nobuholi babantu abaphila nokukhubazeka.
Uthe uyazizwa izikhalo zokugatholakali kalula kwama-wheelchair, wazibophezela ukuthi ekuqaleni konyaka ozayo uHulumeni uzohlangana nohlaka lwabantu abaphila ngokukhubazeka ukuze kudingidwe ukuthi lokhu kuzoshintshwa kanjani.
“Ama-wheelchair asiwazi ukuthi akhiwaphi, nokuthi alungiswa wobani. Ekuqaleni konyaka ozayo sizohlangana nobuholi babantu abaphila nokukhubazeka, sihlele nani ukuthi ningaba kanjani yingxenye yohlelo yokwakha ama-wheelchair ngoba yinto esingayenza leyo siwuHulumeni.
“Akufanele silokhu sithenga ama-wheelchair kube kukhona esingakwenza ukuwalungisa khona la endaweni.”
Uphinde wathi akufanele ama-wheelchair atholakale kuphela ngoba sekufike oNgqongqoshe nezinye izikhulu zikaHulumeni.
“Sizohlala nobuholi sifune uhlu lwabo bonke abantu abadinga ama-wheelchair, ukuze atholakale kalula, abantu bakithi bawathole kalula uma bewadinga.”
Ugxeke abasebenzi bakaHulumeni abahlukumeza abaphila nokukhubazeka uma bezocela usizo, njengoba bekhale ngokuthi kuyenzeka kuthiwe “babanga isicefe.”
“Akufanele nithi nizocela usizo kuHulumeni wenu, kube khona umuntu oncikiselayo. Sizoluxoxa lolo daba noMqondisi-Jikelele wesifundazwe ngoba kufanele yonke iminyango kaHulumeni ikuqonde ukuthi bonke abantu abaqashelwe ukwenza umsebenzi abenzeli muntu ufefe. Baqashelwe ukwenza umsebenzi okufanele usize wonke umuntu, noma ngabe uyazihambela, ubanjwe ngesandla, noma eqhutshwa ngesihlalo.”
ENDS