Luqhubeka kahle kakhulu uhlelo lolukhunjulwa kwabantu abadlula emhlabeni ngenxa yengculazi, oluse-Dannhauser eMajuba District namhlanje, phecelezi u-World AIDS Day.
UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uNksz Nomagugu Simelane useveze ukuthi UMnyango wakhe ususungule imiyalezo emisha yokufinyelela kubantu abasha idale isasasa ukuze bashintshe indlela abaphila ngayo, bagweme ukuba yizisulu ze-HIV/AIDS.
Eminye yalemiyalezo ithi:
• I-Skoon Siyabhayizisa – Condomise;
• Sihamba Ngolayini: Sidla Ama-ARV Waya-Waya, Sihlale Si-Sharp; kanye nothi
• Cupha Isisoka Bhinca Lami, Ukhuphuke NgoShuni we-Condom.
Lapha uNgqongqoshe unxuse amalunga omphakathi ukuba aye emtholampilo oseduze, acele ukubhalisela ukuzuza ohlelweni i-“Khemisi Eduze Nawe,” olusondeza kubo imithi yezifo ezingamahlalakhona ezifana nesomfutho ophezulu, esikashukela, esesandulela ngculazi (HIV) nengculazi uqobo (AIDS), kanye nezinye.
Lemithi bakwazi ukuyilanda ezinkantolo, emahholo omphakathi, emitapweni yolwazi, kanye nasemizini yasendaweni egunyazwe ukwenza lomsebenzi.
IKhemisi Eduze Nawe lisiza abantu bonge imali yokugibela amatekisi namabhasi, linciphise nomthamo wabantu ezikhungweni zezempilo, okwenza impilo ibe ngcono kubasebenzi.
UNgqongqoshe uSimelane ukhumbuze bonke abantu baKwaZulu-Natali ngephilisi lezimanga I-Pre- Exposure Prophylaxis (PrEP) elivikela umuntu ongenayo i-HIV ukuthi ingamungeni. Leli philisi litholakala mahhala kuzo zonke izikhungo zezempilo, kanti liqala ukusebenza kahle emzimbeni emva kwezinsuku eziyisikhombisa. Lidliwa nsuku zonke yilabo abazibona besengcupheni yokutheleleka nge-HIV ukuze bavikeleke. Uma usuyibona isiphelile ingcuphe uyakwazi ukuliyeka.