ISINGENISO
ISINGENISO
Ngifisa ukuthatha leli thuba ngidlulise ukubonga okukhulu kinina mphakathi nezakhamizi zalapha eMzinyathi njengoba namhlanje niphume ngobuningi benu nizothamela le Mbizo kaHulumeni wesiFundazwe. Inhloso yale mbizo ukuzolandelela ukuthi imisebenzi yokwenza ngcono izimpilo zabantu iyenzeka futhi iyafinyelela yini emphakathini.Siyilo Hulumeni sazibophezela ukuthi umfutho wethu omningi sizowufaka ekuletheni uguquko nokushintsha izimpilo zabantu zibe ngcono.Sike safika salumana indlebe phamabilini ngezinhlelo ezehlukene phakathi kwazo engingabala i-Operation Sukuma Sakhe nezinye. Neminyango eyahlukene yafika ibheka ukuthi izidingo zomphakathi sizifezekisa kanjani kule ndawo.
Namuhla sithe uma sisinga ukuthi intuthuko nenqubekela phambili singayibhekisaphi, kwavele kwaqqama igame lendawo yaseMsinga.Kasifikanga eMsinga sishwiba izandla, kunalokho sifike nemithwalo eyikazela nephuphuma intuthuko, ezoshiya indawo yaseMsinga ingasafani nakuqala.Namuhla abantu baseMsinga bazoyibamba ngezandla futhi bayibone ngamehlo intuthuko njengoba sesizifikele mathupha ukuzoletha izinhlelo ezizothuthukisa indawo nomphakathi.
INHLOSO YEMBIZO
Isiqubulo sale mbizo sithi: Siqinisa ukuhlolwa kokulethwa kwezidingo kubantu futhi siqinisa namaxhama okuxhumana kuhulumeni wentando yeningi kanye nabantu.Yingakho-ke nisibona sizifikele mathupha namuhla eMsinga – ninenhlanhla ngoba kuphume bonke abaPhathiswa, kanye nezikhulu eziningi ukuze zizoqinisekisa ukuthi izidingo zomphakathi ziyafezwa ngokukhulu ukushesha.
Umgwaqo KwaKopi P6
Okokuqala nje sivule ngokusemthethweni umgwaqo u-P6 ongamakhilomitha angu-3.3 odle imali engu-R127 .21 million wadala amathuba omsebenzi angu-427 kwase kuhlomula osonkontileka abavela emphakathini ababalelwa ku-46.49%.Kuyacaca ukuthi kasigcinanga nje ngokuletha intuthuko kuphela, kodwa sidale namathuba omsebenzi – azosiza ukuthi kuxoshwe ikati eziko.Omunye umgwaqo esiwuvule namuhla ngu-P373 ongamakhilomitha angu-22.2 owakhiwe ngo-R135.7 million wadala amathuba omsebenzi angu-382.
UKUVULWA KWESIKOLE IBHEKABANTU SECONDARY
Uhulumeni wethu uyibeka phambili imfundo, futhi uyaqinisekisa ukuthi izingane zifunda ezikoleni ezisezingeni eliphezulu kakhulu. Akukhathaleki ukuthi lezo zikole zisemakhaya noma zisedolobheni.Namuhla uhulumeni wesifundazwe uzishaya isifuba ngokwakha isikole esisezingeni eliphezulu endaweni esemakhaya. Ukwakhiwa kabusha kweBhekabantu Secondary kusebenzise imali engu-R204 million.Lesi sikole sigxile ekufundiseni amakhono kanye nezifundo zobuchwepheshe okuyizo ezidingeka kakhulu manje. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi uhulumeni awuzibandlululi izindawo ezisemakhaya.Nawe Msinga kawumncinyane neze!Namuhla eMsinga sinesikole esisezingeni lomhlaba esizokwazi ukubhekana nezinselelo zobuchwepheshe besimanje, phecelezi iFourth Industrial Revolution.Asikho isizathu sokuthi abafundi baseBhekabantu Secondary, ikakhulukazi abakwa-Matric, bangaphasi ngo-100% ngoba lesi sikole sinakho konke okudingwa ngumfundi wesimanje manje.Izingane zaseMsinga sezizothola imfundo esezingeni lomhlaba zisezindaweni zasemakhaya.Niyabona kodwa ukuthi uhulumeni uletha intuthuko ephathekayo nebonakala ngamehlo?Ziningi izikole ezifana neBhekabantu uHulumeni asezakhile esifundazweni sonke kusuka eMkhanyakude kuze kuyofika esiFundeni iHarry Gwala.UHulumeni wesiFundazwe ubeka phambili imfundo yomntwana omnyama eNingizimu Afrika.
UKWAKHIWA KWAMABHULOHO
Ukuhlasela kwezikhukhula esifundazweni ngo-April no-May nonyaka kusifundise lukhulu ngokubaluleka kokwakhiwa kwengqalasizinda eqinile nezogcina umphakathi uphephile ezingozini nasezimweni zenhlekelele ezidalwa yimvelo nesimo sezulu esiguquka njalo njalo.Namuhla sivule amabhuloho ayisithupha azoba neqhaza eliqavile ekugcineni umphakathi uphephile futhi ukwazi ukuxhumana kalula nezihlobo kanye nezindawo zemisebenzi nokuhweba.Yilawa amabhuloho esiwakhile lapha eMsinga:1. Ibhuloho iJolwayo elisetshenziswa ngabahamba ngezinyawo elibize R8.5 million. Leli bhuloho lizoqinisekisa ukuphepha kwabantu abahamba ngezinyawo. Ukwakhiwa kwaleli bhuloho kudale amathuba omsebenzi angu-16.2. Ibhuloho lesibili yiNgubevu elizosetshenziswa yizimoto elisebenzise imali engu-R22 million okudale amathuba omsebenzi angu-16.3. Ibhuloho iMooi River elakhiwe ngo-R17.1 million ladala amathuba omsebenzi angu-48.4. Elinye ibhuloho elisemfuleni iNgubevu elakhiwe ngo-R4.1 million ladala amathuba omsebenzi angu-15.5. Ibhuloho lezimoto iKhomfini elakhiwe ngo-R84.1 million ladala amathuba omsebenzi angu-17.6. Ibhuloho elisemfuleni uThukela elibize R145 million ladala amathuba emisebenzi angu-87 emphakathini.UKWAKHIWA KWENDLU KAGOGO NGOBESESelokhu sifikile lapha ekuseni kuningi esesikwenzile. Uma ngiqala nginibikela, Inkinga yokusweleka kwezindlu ikakhulu uma kuthinta abantu abadala nabaphila ngokukhubazeka yinto ehlala siyibeke eqhulwini ukuyixazulula. Namuhla siqale laphaya kwa-Ward 8, eMachunwini, emzini kaGogo uXoshiwe Ngobese, nalapha besiyoqhuba umsebenzi wokufezekisa iphupho likaGogo uNgobese lokwakhiwa koMuzi wakhe. Yize uGogo engasekho kodwa isicelo nesifiso sakhe sokuthi umdeni wakhe ube nophahla ekhanda siyafezekiswa.UHulumeni wesiFundazwe ukuthathela phezulu ukwakhiwa kwezindlu, ikakhulukazi ezakhelwa imindeni enabantu abadala, abaphila nokukhubazeka kanye naleyo mindeni enezintandane.Lokhu sikwenzela ngoba singuhulumeni onakekelayo nosukumela phezulu izidingo zabantu.
UHLELO LOKULETHA AMANZI EMSINGA
Sike sasho phambilini ukuthi uhulumeni wesifundazwe ukubeka eqhulwini ukulethwa kwamanzi kule ndawo yaseMsinga ngoba amanzi ayimpilo. Impilo iyama nse uma amanzi engekho.Kumanje kunohlelo oluhlukaniswe kahlanu lokulethwa kwamanzi eMsinga, oluzoqeda ingwadla yokusweleka kwamanzi kule ndawo.
Seziqaliwe ukusetshenzwa kwezigaba zokulethwa kwamanzi kule ndawo kusuka kwesokuqala kuya kwesesine, okuhlanganisa ukwakhiwa kwamadamu neziteshi zokumpompa amanzi.
Isigaba sesihlanu sokulethwa kwamanzi eMsinga sizofaka ukwakhiwa kwamapayipi azofakela amanzi kulezi zindawo: eMsinga Top, Mazabeko nase-Douglas, okuyizindawo ezingaphansi kukaMasipala waseMsinga.
Kumanje idolobha iTugela Ferry lithola amanzi aqhamuka esizindeni samanzi eSampofu. La manzi ahamba aze ayofika naseCwaka.
Isigaba esizolandela sokulethwa kwamanzi sizoqinisekisa ukuthi amanzi asuka eCwaka nasedolobheni iPomeroy.Lokhu kulethwa kwamanzi eMsinga ngeke kulishiye ngaphandle ikolishi lamakhono iMsinga TVET College, nalo elibhekene nengwadla enkulu yokusweleka kwamanzi.Izinhlelo zokulethwa kwamanzi eTugela Ferry kuya eCwaka kulindeleke ukuthi ziphele kuwo lo nyaka uma zingekho izithikamezo eziba khona.
Umzinyathi noMsinga oGuqukayoMphakathi wakithi uMzinyathi noMsinga wangesikhathi sobandlululo nowamanje ngesikhathi sentando yeningi ungohlukile kakhulu. Uma uhambela koMsinga, koNdumeni, koNquthu, koMvoti luningi kakhulu uguquko noshintsho olubonakalayo kulezi zindawo.Abakhi bobandlululo uma ungabavusa ubahambise kulezi zindawo bangadideka ukuthi bakuphi ngenxa yentuthuko eseyenziwe kulabo masipala. Siyazi kuningi okusafuneka kwenziwe kodwa akumele sifele amathe okuningi okuhle esesikutholile.Namhlanje sizoniqinisekisa ukuthi kuningi okusemgodleni wethu esizokwenza ukuze kupheleliswe zonke iziding zabantu.
IZINSELELO ZASEMSINGA
Siyazi ukuthi ziningi izinselelo ezibhekene nale ndawo. Inkinga enkulu ngeyokusweleka kwamanzi. Kodwa ukwazi kwethu ngale ngqinamba yamanzi kakusho ukuthi sisonge izandla, kasenzi lutho ngayo. Kuningi uhulumeni wesifundazwe asekwenzile namuhla ukukhombisa ukuthi ukuxazulula inkinga yamanzi kuseqhulwini lwezinhlelo zikahulumeni.
UKWEBIWA KWEMFUYO
Ngokuxoxisana nomphakathi sitholile futhi ukuthi ukwebiwa kwemfuyo kudla lubi kule ndawo. Lokhu sekuze kwadala ukuthi kube nezinhlangano ezifana neSikebhe, ezizibambela mathupha kulabo abasolwa ngokwebiwa kwemfuyo – kugcine sekukhona nabalahlekelwa yimiphefumulo, abanye bagcine sebedingisiwe nasendaweni.Njengohulumeni, asikugqugquzeli ukuthi abantu bazijezisele labo ababasola ngokweba imfuyo, kodwa siyanxusa ukuthi bavumele umthetho uthathe indawo yayo.Siyazi abaningi bakhononda ngokuthi amaphoyisa awamaningi ngokwanele ukubhekana namacala enzeka emphakathini. Lolo wudaba uMnyango obhekene namaphoyisa olilungisayo.Okunye abantu abakhala ngakho wukudlanga kodlame lwamatekisi kanye nezimpi zezigodi ezigcina sezikapakele nasemadolobheni lapho kugobe khona amadlangala abantu abasuka kule ndawo.Ukudlanga kwezimpi zemibango kunomthelela omubi endaweni ngoba ngisho nezinkampani ezisuke zilethe intuthuko endaweni, ziyabaleka ngoba lusuke lungekho uzinzo.Sisuke sizilimaza uma sixabana sodwa. Kumqoke ukuthi sikhumelane umlotha uma kukhona lapho siphambene khona.Kubalulekile ukuthi kuboniswane uma kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwamalungu ososeshini bamatekisi.Ukuthathelana izikhali akusizi ngalutho, kunalokho kubhebhezela udlame nokubululana.
Ukudlwengulwa kwabesifazane nodlame olubhekiswe kubonaUhulumeni unezinhlelo eziningi zokulwa nokubhebhetheka kodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane kanye nokubulawa kwabesifazane.Kuningi okwenziwayo ukuqinisekisa ukuthi lolu dlame nokubulawa kwabesifazane kuyabanjwa kusavele ngekhanda.Siyawukhuza nomkhuba wokuthwala kwabantu besifazane nawo othanda ukuba yisihlava kule ndawo.Ukuthwala kakulona usiko, kodwa ngumkhuba ongasamukelekile kulesi sikhathi samanje.Siyacela kubaholi bendabuko: izinduna namakhosi – ukuthi baqinisekise ukuthi bayasinqanda lesi sihlava esingesihle esihlasele umphakathi.
UKWETHULWA KWENOMBOLO YOKUFAKA IZIKHALO KUNDUNANKULU WESIFUNDAZWE
Ukuze izikhalo zenu zisheshe zifike eHhovisi likaNdunankulu, namuhla sinethulela inombolo ongayifonela ukuze izikhalo noma izincomo zakho zithathelwe phezulu.Lokhu sikwenzela ukuvala igebe phakathi kukaHulumeni wesiFundazwe kanye nabantu obasebenzelayo.Ukwethulwa kwale nombolo yokuxhumana neHhovisi likaNdunankulu, kuhambisana nokuzibophezela kukaNdunankulu ukuthi uhulumeni wenze umsebenzi oncomekayo kubantu.Inombolo yokuxhumana neHhovisi likaNdunankulu inika abantu isithangami lapho bezokwethula izikhalo ngokugqoza kokulethwa kwezidingo kubantu, futhi le nombolo ingasetshenziswa ukubika izinhlekelele ezihlasela isifundazwe, njengoba isifundazwe sike sahlaselwa yizikhukhula ngo-April no-May kulo nyaka.Siyathemba ukuthi abantu bazoyisebenzisela izinto ezinohlonze le nombolo ethi: 0860 596 687 ezongena ngqo eHhovisi likaNdunankulu wesiFundazwe ukuze izikhalo nezincomo zabo zithathelwe phezulu..
ISIPHETHO
Sike sasho ekuqaleni ukuthi inhloso-ngqangi yembizo ngukubonisana kukaHulumeni nabantu abakhele isifundazwe. Kusuke kungesona isikhathi sokuthi uHulumeni kube nguye okhulumayo kuphela, kunalokho kuyaboniswana, kwakhiwane ukuze ekugcineni kufinyelelwe esixazululweni esijabulisa wonke umuntu.Sifikile eMsinga, sabona, saletha intuthuko sayishiya indawo yaseMsinga ingasafani nakuqala.Kasigcinile ukuletha entuthuko, futhi intuthuko kasiyilethi ngoba sekusondele ukhetho, siyafika nje kungonakele lutho silethe intuthuko yabantu futhi kasikhethi iphela emasini.
Siyabonga kakhulu Mphathi woHlelo.