UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube uzibambele mathupha emvuleni ngesikhathi ethula uhlelo lokutshala nokulima KwaXimba namuhla, ngoMgqibelo mhlaka-22.
UNdunankulu Dube-Ncube ugqugquzela abantu ukuthi batshale ukudla ukuze bagweme ukuthenga ukudla okumba eqolo ngesikhathi bexosha ikati eziko.
Ukwethulwa kohlelo lokutshala nokulima KwaXimba kuqondane nokugujwa koSuku Lwabantu Besifazane Basemakhaya Emhlabeni jikelele.
FOLLOW US ON:
Instagram : www.instagram/kzngov
Facebook : www.facebook.com/KZNGOV
Twitter : www.twitter.com/kzngov
Youtube : www.youtube.com/kznonline